Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umyeni wakhe wasukuma, wayilandela ukuze akhulume kahle nayo, wayibuyisa, nenceku yakhe kanye nayo nezimbongolo; yamngenisa endlini kayise; uyise womntwana eyibona, wathokoza ukuyihlangabeza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso, asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuze akhulume naso, asibuyise. Wayehamba nenceku yakhe, nezimbongolo ezimbalwa; samngenisa endlini kayise, lapho umukhwe wakhe embona, wathokoza ukuhlangana naye.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:3
16 Referans Kwoze  

Ningesabi manje; ngiyakunondla nina nabancane benu. Wabaduduza, wakhuluma kubo ngomusa.


Umphefumulo wakhe wanamathela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombazane, wakhuluma kahle kuyo intombazane.


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.


Wathi: Kakho, Nkosi. UJesu wathi kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”


Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese.


Ngakho-ke bheka, ngizomyenga ngimyise ehlane ngikhulume kahle naye.


Bathi: “Uma indoda ilahla umkayo, bese emlahla, abe ngowenye indoda, ingabe isabuyela kuye na? ngeke yini lowo mhlaba ungcoliswe kakhulu? kepha wena ufebile nezithandwa eziningi; buyelani kimi,” usho uJehova.


Kwathi emva kwesikhashana, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi; wathi: Ngizongena ekamelweni nomkami. Kodwa uyise kazange avume ukuthi angene.


Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngoba wahamba, futhi ingelosi yeNkosi yema endleleni yesitha ngokumelene naye. Wagibela imbongolo yakhe, nezinceku zakhe ezimbili zinaye.


Umuntu ophinga nomfazi wenye indoda, nalowo ophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi bayakubulawa nokubulawa.


Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho; womkhuza noma kanjani umakhelwane wakho, ungathwali sono kuye.


Isancinza sakhe safeba kuye, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona izinyanga ezine.


Uyisezala, uyise wentombazana, wamgcina; wahlala naye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, balala khona.


Owesifazane wafika ekuseni kakhulu, wawela phansi ngasemnyango wendlu yomuntu lapho inkosi yakhe yayikhona, kwaze kwasa.


“Ngalolo suku,” usho uJehova, “niyakungibiza ngokuthi, Ishi; awusayikungibiza ngokuthi nguBali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite