Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalezo zinsuku kungekho nkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ezintabeni zakwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBetlehema Juda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:1
29 Referans Kwoze  

Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; ngalezo zinsuku isizwe sakwaDani sazifunela ifa lokuhlala; ngoba kwaze kwaba yilolosuku babengalitholanga lonke ilifa labo phakathi kwezizwe zakoIsrayeli.


Lowo muntu wasuka emzini waseBetlehema Juda ukuba agogobale njengowezizwe lapho engathola khona indawo;


Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.


Futhi akenzanga eyodwa na? Nokho wayenayo insali yomoya. Futhi kungani eyodwa? Ukuze afune inzalo kaNkulunkulu. Khona-ke qaphelani umoya wenu, futhi makungabikho muntu ongathembeki emfazini wobusha bakhe.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli, kodwa yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela entabeni yendodana yakhe uFinehasi, anikwa yona ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba iGahashi.


Base beletha izitsha zegolide ezazithathwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu eyayiseJerusalema; inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuza kuyo.


Yahamba kusihlwa, ngangomuso yabuyela endlini yesibili yabesifazane, phansi kwesandla sikaSheshahasi, induna yenkosi, egada izancinza; nokuthi wayeshiwo ngegama.


URehobowamu wathanda uMahaga indodakazi ka-Abisalomu ngaphezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe;


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa, amakhosazana, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi ezancinza zayo eyayibashiyile ukuba balinde indlu, yabafaka esitokisini, yabagcina, kepha ayingenanga nabo. Ngemva kwalokho baboshwa kwaze kwaba usuku lokufa kwabo, kuyilapho bona bengabafelokazi.


UJowabe wayesengena endlini enkosini, wathi: “Ubujabhisile namuhla ubuso bezinceku zakho zonke ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho, namadodakazi akho, nokuphila kwawomkakho”, nokuphila kwezancinza zakho;


Bammisela u-Abisalomu itende phezu kwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.


UDavide wathatha ezinye izancinza nabesifazane eJerusalema ngemva kokufika kwakhe evela eHebroni, uDavide wazalelwa amadodana namadodakazi amaningi.


USawule wayenesancinza igama lakhe linguRispa indodakazi ka-Aya; u-Ishi Bosheti wathi ku-Abineri: “Ungeneleni nesancinza sikababa na?


Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe linguMika;


URaheli wafa, wembelwa endleleni yase-Efrati eyiBetlehema.


Kepha amadodana ezancinza u-Abrahama ayenazo, u-Abrahama wanika izipho, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga, ezweni lasempumalanga.


Isancinza sakhe, igama laso lalinguReuma, sazala uTheba, noGahamu, noTahasi, noMaga.


Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yesizwe sakwaJuda, engumLevi, yahlala khona njengowezizwe.


Isancinza sakhe safeba kuye, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona izinyanga ezine.


Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo kusihlwa livela ensimini, nalo livela ezintabeni zakwa-Efrayimi; wagogobala eGibeya, kepha abantu baleyo ndawo babengabakwaBenjamini.


Esefikile wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye entabeni, yena waphuma phambi kwabo.


Emva kwakhe u-Ibisani waseBetlehema waqondisa u-Israyeli.


Basuka lapho, baya ezintabeni zakwa-Efrayimi, bafika endlini kaMika.


Lawa angamagama abo: Indodana kaHure, ezintabeni zakwa-Efrayimi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite