Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani, indodana kaGereshomu, indodana kaManase, yena namadodana akhe baba ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwafika usuku lokuthunjwa kwezwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 AbakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo. UJonathani, indodana kaGerishomi, indodana kaManase namadodana akhe, babengabaphristi besizwana sakwaDani, kwaze kwaba lusuku izwe elathunjwa ngalo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:30
20 Referans Kwoze  

Umuntu uMika wayenendlu yawonkulunkulu, wenza indwangu yamahlombe nezithixo zendlu, wangcwelisa enye yamadodana ayo ukuba abe ngumpristi wayo.


Lapho ebuyisela amashekeli esiliva ayizinkulungwane eziyikhulu nekhulu kunina, unina wathi: “Ngingcwelise ngokuphelele isiliva kuJehova esandleni sami ukuze ngenzele indodana yami isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo; lokhu ngawe.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.


Wamzalela indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu, ngokuba wathi: “Ngangingowezizwe ezweni labezizwe.”


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyozibhubhisa ngokuphelele, futhi niyophambuka endleleni enganiyala ngayo; ububi buyakukwehlela ekupheleni kwezinsuku; ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimcunule ngomsebenzi wezandla zenu.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.


Uqalekisiwe umuntu owenza noma yisiphi isithombe esibaziweyo noma esibunjiweyo, into enengekayo kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asibeke endaweni ecashile. Futhi bonke abantu kumelwe baphendule bathi: Amen!


Aniyikuzenzela izithombe nezithombe ezibaziweyo, ningazimiseli izithombe ezibaziweyo, ningagxumeki izithombe zamatshe ezweni lakini ukuba nizikhothamele; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, noma umfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba.


namadodana akhe amabili; igama lomunye lalinguGereshomu; ngoba wathi: Ngangingowemzini elizweni lemzini.


Ezinsukwini zikaPheka inkosi yakwa-Israyeli, uThigilati-Phileseri inkosi yase-Asiriya wafika wathatha i-Ijoni ne-Abela Beti-maga neJanowa neKedeshi neHazori neGileyadi neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, futhi bathatha i-Ijoni. Wayiswa ekudingisweni e-Asiriya.


Ngakho uJehova wabathukuthelela kakhulu u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akwasala muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.


UJehova wayilahla yonke indlu yakwa-Israyeli, wayicindezela, wayinikela esandleni sababhubhisi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ezonweni zonke zikaJerobowamu azenzayo; abasukanga kubo;


UJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njengokusho kwakhe ngezinceku zakhe zonke, abaprofethi. Ngakho u-Israyeli wathunjwa ezweni lakubo wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite