Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 15:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kodwa uNkulunkulu wadabula igodi elisemhlathini, kwaphuma amanzi kuyo; kwathi esephuzile, umoya wakhe wabuya, waphila; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi i-Eni-Hakore, eseLehi kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile, umoya wakhe wabuya, wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 UNkulunkulu wavula umgodi eLehi, kwaphuma amanzi kuwo. Esephuzile abuya amandla akhe, wavuseleleka. Ngakho-ke leyo ndawo yabizwa ngokuthi yi-Eni Hakhore, isekhona eLehi kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 15:19
16 Referans Kwoze  

Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kowomileyo, nemifudlana emhlabathini owomileyo; ngiyakuthulula uMoya wami enzalweni yakho nesibusiso sami phezu kwenzalo yakho.


Basebemtshela wonke amazwi kaJosefa abewakhulume kubo; lapho ebona izinqola uJosefa ayezithumele ukuba zimthwale, umoya kayise uJakobe waphila.


Lo muntu ompofu wakhala, uJehova wamuzwa, wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe.


Unika okhatheleyo amandla; nakulabo abangenawo amandla, uyabandisa amandla.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone ukuthi ngubani owadala lezi zinto, okhipha impi yazo ngokwesibalo; Uzibiza zonke ngamagama ngobukhulu bamandla akhe, ngokuba unamandla amakhulu; akukho neyodwa eyehlulekayo.


Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa.


Basebemnika ucezu lweqebelengwane lomkhiwane nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile umoya wakhe wabuyela kuye, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UMose walakha i-altare, walibiza ngokuthi uJehova-Nisi.


Ngokuba incane onayo ngingakafiki, yandile, yaba yisixuku; futhi iNkosi ikubusisile kusukela ekufikeni kwami; manje nami ngiyakuyinakekela nini indlu yami na?


Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.


Wasebiza ibizo leN kosi eyayikhuluma laye wathi: UNkulunkulu wakho uyangibona, ngoba wathi: Kambe ngimbonile yini lapha ongibonayo?


Khona-ke uMose waphakamisa isandla sakhe walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, futhi amanzi aphuma maningi, inhlangano yaphuza kanye nemfuyo yayo.


AmaFilisti akhuphuka amisa kwaJuda, ahlakazeka eLehi.


Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


Uyakuphuza emfuleni endleleni; ngalokho uyakuphakamisa ikhanda lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite