Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 14:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe, wehlela e-Ashikeloni, wabulala kubo abantu abangamashumi amathathu, wathatha impango yabo, wanika abachaza imfihlakalo izingubo. Intukuthelo yakhe yavutha, wakhuphukela endlini kayise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 14:19
9 Referans Kwoze  

UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule lapho ezwa lezi zindaba, intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.


UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe, waqondisa u-Israyeli, waphuma ukulwa. Isandla sakhe saba namandla phezu kukaKushan-Risatayim.


UMoya kaJehova waqala ukumnyakazisa ekamu lakwaDani phakathi kweSoreya ne-Eshitawoli.


Lapho efika eLehi, amaFilisti amemeza ngokumelene naye, futhi uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe ngamandla, nezintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zagqashuka ezandleni zakhe.


UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe ngamandla, waklebhula izinyane lembuzi, engenalutho esandleni sakhe; kodwa kabatshelanga uyise lonina lokho ayekwenzile.


Amadoda omuzi asesithi kuye ngosuku lwesikhombisa lingakatshoni ilanga: Kuyini okumnandi okwedlula uluju? futhi yini enamandla kunengonyama? Wathi kubo: Ukube anilimanga ngenkomo yami, ngabe aniyitholanga imfihlakalo yami.


UJuda wathumba iGaza nogu lwalo, ne-Ashikeloni nogu lwalo, ne-Ekroni nogu lwalo.


Base bethi: “Uyini umnikelo wecala ukuba siwubuyisele kuye na?” Athi: Amankonjane amahlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wezikhulu zamaFilisti, ngokuba isifo sinye sasiphezu kwenu nonke namakhosi enu.


Lawa angamasikela egolide amaFilisti awabuyisela kuJehova njengomnikelo wecala; ele-Ashidodi elilodwa, ngeleGaza elilodwa, ngele-Ashikeloni elilodwa, ngeleGati elilodwa, ngele-Ekroni elilodwa;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite