Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 13:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 13:1
16 Referans Kwoze  

Lapho sebekhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


Oyakubuyisela kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe;


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali, no-Ashitaroti, nonkulunkulu base-Aramu, nonkulunkulu baseSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nonkulunkulu bama-Amoni. Onkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, abamkhonzanga.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova ekufeni kuka-Ehudi.


UmKushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? khona-ke ningase nenze okuhle nina enijwayele ukwenza okubi.


Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;


U-Abidoni indodana kaHileli wasePirathoni wafa, wembelwa ePirathoni ezweni lakwa-Efrayimi ezintabeni zama-Amaleki.


Base benyukela esiqongweni sedwala lase-Etamu abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda, bathi kuSamsoni: “Awukwazi yini ukuthi amaFilisti ayabusa phezu kwethu na? yini lena osenze yona? Wathi kubo: “Njengoba benza kimi, ngenza kanjalo kubo.”


Wahola u-Israyeli emihleni yamaFilisti iminyaka engamashumi amabili.


Qinani, nime njengamadoda, nina maFilisti, ukuze ningawakhonzi amaHeberu njengalokho ekhonza kini;


Athotywa amaFilisti, akaba esangena emkhawulweni wakwa-Israyeli; isandla sikaJehova saba phezu kwamaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.


Kodwa uyise nonina babengazi ukuthi kwakuvela kuJehova ukuthi wayefuna ithuba lokumelana namaFilisti, ngoba ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite