Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 12:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantu bakwa-Efrayimi babuthana, bakhuphukela ngasenyakatho, bathi kuJefta: “Uweleleni ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? siyakushisa indlu yakho phezu kwakho ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amadoda akwa-Efrayimi abuthana, aya ngasenyakatho; athi kuJefta: “Uwelelani ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Amadoda akwa-Efrayimi abizwa ukuba ahlome, ase ewelela eZafoni, athi kuJeftha: “Uweleleni wayokulwa nabakwa-Amoni, wangasibiza thina ukuba sihambe nawe, na? Sizoyithungela ngomlilo indlu yakho, iwele phezu kwakho.”

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 12:1
14 Referans Kwoze  

Abantu bakwa-Efrayimi bathi kuye: “Usikhonzeleni, ungasibizanga ekulweni kwakho nabakwaMidiyani na? Base bexabana kakhulu naye.


Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi.


UJesu wawaphendula wathi: Ngilitshengise imisebenzi eminengi emihle evela kuBaba; Yimuphi kule misebenzi eningikhandela yona na?


Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Linga umyeni wakho ukuba asitshele imfihlakalo, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; usibizele ukuthatha esinakho? Akunjalo?


Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya.


Ngenxa yothando lwami bayizitha zami, kepha mina ngiyazinikela emkhulekweni.


AmaFilisti athi: “Ngubani owenze lokho na? Basebesithi: USamsoni, umkhwenyana womThimina, ngoba wathatha umkakhe, wamnika umngane wakhe. AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.


ukuthi amadodakazi akwa-Israyeli ayehamba iminyaka ngeminyaka ukuyililela indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.


UJefta wathi kubo: “Mina nabantu bami sasinokuxabana okukhulu nabantwana bakwa-Amoni; futhi lapho nginibiza, aningophulanga esandleni sabo.


Lapho u-Efrayimi ekhuluma ngokuthuthumela, waphakama kwa-Israyeli; kodwa lapho ona ngoBhali, wafa.


Futhi uba umbuso uhlukene phakathi, lowombuso ungeme.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite