Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 11:39 - Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kwathi ekupheleni kwezinyanga ezimbili yabuyela kuyise, owenza kuyo njengesithembiso sakhe asithembisayo; futhi wayengazi muntu. Futhi kwaba umkhuba kwa-Israyeli,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Ekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise, owenza kuyo njengokwesifungo sakhe ayesenzile; yayingakaze ilale nandoda. Kwabe sekuvela isimiso kwa-Israyeli sokuba,

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 11:39
12 Referans Kwoze  

Khona-ke konke okuphuma eminyango yendlu yami kuyakungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula ngivela kubantwana bakwa-Amoni, kungokukaJehova ngempela, futhi ngizokunikela njengomnikelo wokushiswa.


Ohlaba inkomo unjengobulala umuntu; onikela ngewundlu unjengonquma intamo yenja; onikela ngomnikelo wempuphu unjengonikela ngegazi lezingulube; onyusa impepho njengobusisa isithombe. Yebo, bazikhethele izindlela zabo, futhi umphefumulo wabo ujabulela izinengiso zabo.


Kodwa uSamuweli wayesebenza esemncane phambi kukaJehova, ebhince isambatho samahlombe selineni.


Ngalokho nami ngimnike uJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe uyakuba ngobolekiwe kuJehova. Wakhuleka kuJehova khona.


Eseyilunyulile wahamba naye, kanye nezinkunzi ezintathu ne-efa likafulawa nesaka lewayini, wamyisa endlini kaJehova eShilo, umntwana esemncane.


Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.”


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.


Aniyikwenza lokhu kuJehova uNkulunkulu wenu; ngokuba zonke izinengiso kuJehova azizondayo zenzile konkulunkulu bazo; ngoba ngisho namadodana abo namadodakazi abo babashisa ngomlilo konkulunkulu babo.


Wathi: “Hamba!” Wayimukisa izinyanga ezimbili, yahamba nabangane bayo, yakhalela ubuntombi bayo ezintabeni.


ukuthi amadodakazi akwa-Israyeli ayehamba iminyaka ngeminyaka ukuyililela indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.


UJeremiya walilela uJosiya, nabo bonke abahlabeleli nabahlabeleli bakhuluma ngoJosiya ezililo zabo kuze kube namuhla, bazenza zaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kuyachazwa encwadini yesiLilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite