Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abantwana bamaKheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka kanye nabantwana bakwaJuda besuka emzini wesundu baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; bahamba bahlala phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 1:16
26 Referans Kwoze  

UHebhere, umKheni, owayevela kubantwana bakwaHobabi, umukhwe kaMose, wazahlukanisa namaKheni, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini laseSanayimi eKedeshi.


USawuli wasesithi kumaKheni: Hambani lisuke, lehlele phakathi kwamaAmaleki, ukuze ngingalibhubhi kanye lawo; ngoba wabonisa umusa kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo bephuma eGibhithe. Ngakho amaKheni asuka phakathi kwama-Amaleki.


neningizimu nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kuze kube seSowari.


Kwathi umKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli ufikile ngendlela yezinhloli; walwa no-Israyeli, wathumba abanye babo.


Wabutha abantwana bakwa-Amoni no-Amaleki kanye naye, wahamba wachitha u-Israyeli, wadla umuzi wamasundu.


USisera wabaleka ngezinyawo waya etendeni likaJayeli umkaHebhere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHazori nendlu kaHebhere umKheni.


Hamba uye endlini yamaRekabi, ukhulume nawo, uwangenise endlini kaJehova kwelinye lamakamelo, uwaphuzise iwayini.


Ngaleso sikhathi inkosi u-Ahazi yathumela emakhosini ase-Asiriya ukuba ayisize.


u-Otsemu owesithupha, uDavida owesikhombisa;


inkosi yaseHorma, eyodwa; inkosi yase-Aradi, eyodwa;


UMose wayesemukisa umukhwe wakhe; wasesiya elizweni lakibo.


UJetiro, umukhwe kaMose, wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuba badle isinkwa nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.


UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga; babuzana ukuphila kwabo; bangena etendeni.


Kwathi uJetro, umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, esezwile ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile kuMose nakubantu bakhe u-Israyeli, nokuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe;


Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: “Ngivumele ngibuyele kubafowethu abaseGibhithe, ngibone ukuthi basaphila yini. UJetro wathi kuMose: “Hamba ngokuthula.”


UMose wayeselusa umhlambi kaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; wahola umhlambi emva kwehlane, wafika entabeni kaNkulunkulu kuze kufike eHorebe.


Ngalezo zinsuku kwafika uJohane uMbhapathizi, eshumayela ehlane laseJudiya,


Wathi kuye: “Nginike isibusiso, ngokuba unginike izwe laseNingizimu; nginike nemithombo yamanzi. UKalebi wamnika imithombo yasenhla nemithombo yangezansi.


Wathi u-Agi: “Iphi indlela oyenze ngayo namuhla na?” UDavide wathi: “Ngeningizimu yakwaJuda naseningizimu yamaJerameli naseningizimu yamaKheni.


nakulabo ababeseRagali, nakulabo ababesemizini yamaJerameli, nakulabo ababesemizini yamaKheni,


UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho;’ Ngikwenze wakubona ngamehlo akho, kodwa akumelwe uhambe. Lapho.


Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, nesigodi saseKezizi;


Izizukulwana zababhali ababehlala eJabeshi; amaTire, namaSimeya, namaSuga. Lawa ngamaKheni avela kuHemati uyise wendlu kaRekabi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite