Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 1:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJuda wasesuka wahlasela amaKhanani ayakhe eHebroni; igama leHebroni kuqala laliyiKiriyati Araba; babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 1:10
12 Referans Kwoze  

Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.


Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.


Ngabuya ngabona phansi kwelanga ukuthi ukugijima akusikho okwabanejubane, nokulwa akukho kwabanamandla, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ingeyabantu abanengqondo,


Bamnika uKalebi iHebroni, njengokusho kukaMose; wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.


Sabona lapho amaRefa, amadodana ka-Enaki, evela emaRefa; sasinjengezinkumbi emehlweni ethu, futhi sasinjalo nasemehlweni abo.


USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.


Wathi kuye: “Hamba, ubheke ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi; futhi ungilethele izwi futhi. Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, wafika eShekemi.


UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni no-Israyeli wonke kanye naye, waya eHebroni; balwa nalo.


Ngemva kwalokho abantwana bakwaJuda behla ukuze balwe namaKhanani ayehlala ezintabeni, eningizimu, nasesigodini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite