Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amabili;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UDavide wathumba abamahhashi abayi-1 700, nemigundatshani eyizi-20 000; uDavide wanquma imisipha yawo wonke amahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela ayikhulu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:4
8 Referans Kwoze  

UJoshuwa wenza kubo, njengalokho uJehova emyalile: wagijimisa amahhashi abo, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.


UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngiyakubakhulula bonke abanqotshiweyo phambi kuka-Israyeli; kumelwe unqume amahhashi abo futhi ushise izinqola zabo ngomlilo.


Abanye bathemba izinqola, abanye amahhashi, kepha thina siyakulikhumbula igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili;


USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi, waba nezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, wakunika imizi yezinqola nenkosi yaseJerusalema.


Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;


O mphefumulo wami, ungangeni ekusithekeni kwabo; Ungahlangani nomhlangano wabo, mhlonishwa wami, ngokuba ngokuthukuthela kwabo babulele umuntu, nangokwabo badiliza ugange.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite