Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nganginawe nomaphi lapho uya khona, ngachitha zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elikhulu njengegama labakhulu emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:9
23 Referans Kwoze  

UDavide waqhubeka ekhula, futhi uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.


Nganginawe nomaphi lapho uya khona, ngachitha zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama njengegama labakhulu emhlabeni.


UDavida wamisa abalindi eSiriya eDamaseko; ama-Aramu aba yizigqili zikaDavida aletha izipho. UJehova wamvikela uDavide yonke indawo ayeya kuyo.


UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.


Wamisa abalindi kwa-Edomi; kulo lonke elakwa-Edomi wamisa amabutho amabutho, futhi wonke u-Edomi waba izinceku zikaDavide. UJehova wamvikela uDavide yonke indawo ayeya kuyo.


Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso.


Wehlise abanamandla ezihlalweni zabo zobukhosi, wabaphakamisa abaphansi.


Futhi ngiyozinqoba izitha zakhe phambi kobuso bakhe futhi ngihluphe labo abamzondayo.


Ngoba ngawe ngadabula iqembu lezigelekeqe, ngoNkulunkulu wami ngeqa umduli.


Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.


UDavide wakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emkhulula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule;


Ngakho uSawule namadodana akhe amathathu nodibi lwezikhali zakhe nabo bonke abantu bakhe bafa kanyekanye ngalusuku lunye.


Ngakho bathumela umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi umphongolo kaNkulunkulu usufikile e-Ekroni, abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba basibulale thina nabantu bakithi.


UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe ekubulaleni ama-Aramu esiGodini Sikasawoti, abantu abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.


Lawa angamazwi okugcina kaDavide. Wathi uDavide, indodana kaJese, umuntu waphakama phezulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe, nomhubi omnandi ka-Israyeli, wathi:


UJehova waba njalo noJoshuwa; udumo lwakhe lwaba lukhulu ezweni lonke.


Zase ziphuma izikhulu zamaFilisti, zaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha ngaphezu kwazo zonke izinceku zikaSawule; ukuze igama lakhe libe likhulu.


Ngabashaya bancane njengothuli lomhlaba, ngabagxoba njengodaka lwasemgwaqweni, ngabasakaza.


Ngokuba umenze waba yisibusiso kuze kube phakade; Umthokozise kakhulu ngobuso bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite