Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Angihlalanga endlini kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngahamba etendeni nasetabernakele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo abantu bakwa-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla. Bengihamba ngehla ngenyuka nani ngisethendeni nasethabanakelini.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:6
15 Referans Kwoze  

Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibithe, angikhethanga muzi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ngakhe indlu ukuba igama lami libe khona kuyo; kepha ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.


Inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwabo.


Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Okhokho bethu babelethabhanekele lobufakazi enkangala njengokulaya kwakhe ekhuluma loMozisi ukuthi alenze njengomfanekiso ayewubonile.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu lakho ukuba akusindise, akhulule izitha zakho phambi kwakho; ngalokho umbhede wakho uyakuba ngcwele, ukuze angaboni lutho olungcolile kuwe, aphambuke kuwe.


U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo no-Israyeli noJuda bahlala ematendeni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami bakanise endle; ngiyakungena endlini yami ukuba ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? uma niphila, nokuphila komphefumulo wenu, angiyikuyenza le nto.


Abantwana bakwa-Israyeli babuza kuJehova, ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite