Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngizabamisela indawo abantu bami u-Israyeli, ngibatshale, ukuze bahlale endaweni yabo, bangabe besaxega; abantwana bobubi abasayikubacindezela njengakuqala;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala,

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:10
25 Referans Kwoze  

Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.


Ngiyakulungisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale, bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantwana bobubi abasayikubabhubhisa njengasekuqaleni;


Ngiyakubeka iso lami kubo kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe; ngiyakubakha, ngingababhidli; ngiyakubatshala, ngingabasindi.


Ubudlova abuyikuzwakala ezweni lakho, ukuchithwa nokuchithwa emikhawulweni yakho; kodwa uyakubiza izindonga zakho ngokuthi iNsindiso namasango akho ngokuthi iNdumiso.


Ngeke kusaba khona ikhakhasi elihlabayo noma iva elibuhlungu kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli ababeyidelela; bazakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


Wakhipha umvini eGibithe, waxosha izizwe, wawutshala.


Kungasiphi isikhathi ngiyokhuluma ngesizwe nangombuso ukuba ngiwakhe, ngiwutshale;


UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.


Ngalolo suku ngiyobenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni; ngiyakwaphula umnsalo, nenkemba, nempi emhlabeni, futhi uyobayeka balale belondekile.


Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yelifa lakho, endaweni oyenzele ukuthi uhlale kuyo, Nkosi, endaweni engcwele, Nkosi, ezayimisayo izandla zakho.


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, nabantu bakwaJuda yisithombo sakhe esimnandi; funa ubulungisa, kepha bheka, ukukhala.


Yasibiyela, yakhipha amatshe aso yatshala kuso umvini omuhle kakhulu wakha umbhoshongo phakathi kwaso, wenza nesikhamo sewayini kuso; futhi wabheka ukuthi yayiyoveza izithelo zomvini, futhi yathela izithelo zomvini zasendle.


Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu; yala insindiso kaJakobe.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, ngokuba wayenezinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye; iminyaka engamashumi amabili wabacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli.


Abachithi baphuma ekamu lamaFilisti ngezigaba ezintathu; elinye iviyo labheka endleleni eya e-Ofira ezweni laseSuwali.


UFaro wayala bonke abantu bakhe, wathi: “Wonke amadodana azozalwa niwaphonse emfuleni iNayile, nawo wonke amadodakazi niwasindise ephila.


Kangisayikwenza ukuthi inyawo zakoIsrayeli zisuke elizweni engalinika oyise; kuphela uma benza ngokucophelela njengakho konke engibayale ngakho nanjengomthetho wonke abayala ngawo inceku yami uMose.


Angisayikulususa unyawo luka-Israyeli ezweni engalimisela oyihlo; ukuze baqaphele ukwenza konke engabayala ngakho ngokomthetho wonke, nezimiso, nezahlulelo ngesandla sikaMose.


Wazixosha kanjani izizwe ngesandla sakho, wazitshala; Wacindezela, wabaxosha kanjani abantu.


Wawulungisela indawo, wawenza wamila izimpande, wagcwalisa izwe.


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, balidle ifa lomhlaba kuze kube phakade, ihlumela lesitshalo sami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite