Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 5:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kepha uDavide wayithumba inqaba yaseSiyoni; kungumuzi kaDavide.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 5:7
27 Referans Kwoze  

UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.


Kwathi umphongolo kaJehova ufika emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide yeqa, isina phambi kukaJehova; wamdelela enhliziyweni yakhe.


Kwasekutshelwa inkosi uDavida ukuthi: I Nkosi yabusisa indlu kaObede Edomi lakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wayesehamba, wawuletha umphongolo kaNkulunkulu ngokujabula endlini ka-Obede Edomi, wawusa emzini kaDavide.


Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


njengokulotshiweyo ukuthi: Khangela, ngibeka eZiyoni ilitshe lokuwisa ledwala lokuwisa;


Izizwe eziningi ziyakufika, zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuphuma eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Futhi uMsindisi uyofika eSiyoni nakulabo ababuya eziphambekweni kwaJakobe,” kusho uJehova.


Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.


Ngokuba uJehova ulikhethile iSiyoni; wayefisa kube yindawo yakhe yokuhlala.


UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni ngaphezu kwazo zonke izindlu zikaJakobe.


Yenzani okuhle kulo iSiyoni; yakha izingange zaseJerusalema.


Zungezani iSiyoni, nilihaqe; tshela imibhoshongo yakhe.


Hlabelelani kuJehova ohlezi eSiyoni; memezelani phakathi kwezizwe izenzo zakhe.


Nokho ngibeke inkosi yami entabeni yami engcwele iZiyoni.


Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, kuNkulunkulu nasendlini yakhe.


USolomoni wayesebutha amadoda amadala akwa-Israyeli nazo zonke izinhloko zezizwe, izinhloko zezindlu zoyise zabantwana bakwa-Israyeli, eJerusalema ukuba bakhiphe umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide iZiyoni.


UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bawubiza ngokuthi umuzi kaDavide.


USolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izinhloko zezindlu zoyise zabantwana bakwa-Israyeli, babuthane enkosini uSolomoni eJerusalema ukuba bakhiphe umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini. KaDavide, eSiyoni.


USolomoni wazihlanganisa noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha eyakhe indlu, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.


UDavide akathandanga ukulethela umphongolo kaJehova emzini kaDavide; kepha uDavide wayiphambukisela endlini ka-Obede Edomi umGiti.


UDavide wahamba wayohlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha inhlangothi zonke, ethabathela eMilo nangaphakathi.


UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ogibela umgodi wokugwedla, abulale amaJebusi, nezinyonga, nezimpumputhe, ezondwa umphefumulo kaDavide, yena abe yinhloko nenduna; Ngakho bathi: “Izimpumputhe nezinyonga abayikungena endlini.”


Indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona uSolomoni; wabe eseyakha iMilo.


“Bheka, nginakho ngawe wena ohlala esigodini nasedwaleni lasethafeni,” usho uJehova; othi: Ngubani ozakusamela? Ngubani oyakungena ezindlini zethu na?


ISango Lomthombo lalilungiswa nguShaluni indodana kaKolihose, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walisibekela, wamisa izivalo zalo, nezihluthulelo zalo, nemigoqo yalo, nogange lwechibi laseSilowama ngasensimini yenkosi, kuze kufike ezitebhisini ezehla emzini kaDavide.


UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite