Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 5:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 5:3
16 Referans Kwoze  

Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.”


Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala ehlathini, uJonathani waya endlini yakhe.


USamuweli wayesethatha uphondo olunamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku. USamuweli wasuka, waya eRama.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova; naphakathi kwenkosi nabantu.


U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka, ngihambe ngibuthele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, benze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke okufiswa yinhliziyo yakho. UDavide wammukisa u-Abineri; wahamba ngokuthula.


UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi, abantu bammisa waba yinhloko nombusi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.


Futhi ngenxa yakho konke lokhu senza isivumelwano esiqinile futhi sisilobe; nezikhulu zethu, namaLevi, nabapristi bethu, bayawunamathelisa.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabo bonke abantu naphakathi kwenkosi ukuthi bayoba abantu bakaJehova.


Ngalokho onke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nabo eHebroni phambi kukaJehova; bamgcoba uDavide abe yinkosi phezu kuka-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.


Bonke abantu baya eGiligali; bambeka khona uSawule inkosi eGiligali phambi kukaJehova; banikela khona imihlatshelo yokubonga phambi kukaJehova; uSawule nawo wonke amadoda akwa-Israyeli bajabula kakhulu lapho.


Hamba, ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: INkosi, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, ka-Isaka, noJakobe, ibonakele kimi, yathi: Nginihambele, ngabona okwenziwa kini. EGibhithe:


UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni no-Israyeli wonke kanye naye, waya eHebroni; balwa nalo.


USadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi kwa-Israyeli; nishaye icilongo nithi: ‘Mayisindiswe inkosi uSolomoni!


Wonke u-Israyeli wabuthana kuDavide eHebroni, wathi: “Bheka, siyithambo lakho nenyama yakho.


Manje izandla zenu maziqiniswe, zibe nesibindi, ngokuba inkosi yenu uSawule ifile, nendlu yakwaJuda nayo ingigcobile ngibe yinkosi phezu kwayo.


Kepha uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha phezu kwayo yonke indlu kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba wakhetha uJuda ukuba abe ngumbusi; nendlu kaJuda, indlu kababa; futhi phakathi kwamadodana kababa wayethanda ukuthi ngizenze inkosi phezu kukaIsrayeli wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite