Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Indoda yakhe yahamba naye ikhala emva kwakhe kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuye: “Hamba, ubuye.” Wabuya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Umyeni wakhe wahamba naye, ekhala emlandela, waze wayofika eBhahurimi. U-Abhineri wayesethi kuye: “Hamba, phindela ekhaya!” Wenza kanjalo, wabuyela emuva.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:16
9 Referans Kwoze  

UShimeyi indodana kaGera, umBenjamini, waseBahurimi, wehla masinyane namadoda akwaJuda ukuyohlangabeza inkosi uDavide.


Lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma indoda yomndeni wendlu kaSawule, igama layo linguShimeyi indodana kaGera;


Bheka, unawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngesiqalekiso esibi mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza eJordani, ngafunga kuye uJehova, ngathi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’


Kepha umfana wababona, watshela u-Abisalomu; kepha bashesha bobabili, bafika endlini yomuntu eBahurimi, owayenomthombo egcekeni lakhe; lapho behla khona.


U-Ishi Bosheti wayesethumela wamthatha kumyeni wakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi.


no-Abiyalibhoni wase-Aribhathi, no-Asmaweti waseBharhumi,


U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubahlangabeza, esakhala njalo; lapho ehlangana nabo, wathi kubo: “Wozani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”


Kwakukhona kanye naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini, noSiba inceku yendlu kaSawule, namadodana akhe ayishumi nanhlanu, nezinceku zakhe ezingamashumi amabili kanye naye; bawela iJordani phambi kwenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite