Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 UDavida wasethuma izithunywa kuIshiboshethi indodana kaSawuli ukuthi: Khulula umkami uMikhali engamgana ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UDavide wayesethuma izithunywa ku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, ethi: “Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 UDavide wathumela izithunywa ku-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali, engamkhokhela ngamajwabu amaFilisti ayikhulu.”

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:14
7 Referans Kwoze  

UDavide wazilungiselela, wahamba yena nabantu bakhe, wabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu amabili; uDavida waletha amajwabu awo, basebenika inkosi indaba zonke, ukuze abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wamnika uMikhali indodakazi yakhe ibe ngumkakhe.


USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kepha amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba aphindisele ezitheni zenkosi. Kodwa uSawule wacabanga ukumyeka uDavide awe ngesandla samaFilisti.


U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane lapho eqala ukubusa phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka emibili. Kodwa indlu yakwaJuda yamlandela uDavide.


Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.


Kepha uSawule wanika uPhaliti indodana kaLayishi waseGalimi indodakazi yakhe uMikhali umkaDavide.


U-Ishi Bosheti wayesethumela wamthatha kumyeni wakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi.


Kwathi umphongolo kaJehova ufika emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide yeqa, isina phambi kukaJehova; wamdelela enhliziyweni yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite