Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 24:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 UDavide esevuka ekuseni, izwi likaJehova lafika kuGadi umprofethi, umboni kaDavide, lathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Lapho uDavide evuka ekuseni, kwafika izwi likaSimakade kumphrofethi uGadi, umboni kaDavide, lathi:

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 24:11
9 Referans Kwoze  

Wayesethi umprofethi uGadi kuDavide: “Ungahlali enqabeni yasezintabeni; suka uye ezweni lakwaJuda. UDavide wayesehamba, wafika ehlathini laseHereti.


(Esikhathini sokuqala kwa-Israyeli, lapho umuntu eyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza, siye umboni; ngokuba lowo othiwa umprofethi manje wayethiwa uMboni kuqala.)


Ukulandisa kwenkosi uDavide, ezokuqala nezokugcina, bheka, kulotshiwe encwadini kaSamuweli umboni, nasencwadini kaNathani umprofethi, nasencwadini kaGadi umboni,


Wafa u-Asuba, uKalebi wazithathela u-Efrati, wamzalela uHure.


Hamba uthi kuDavide: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ngikubekela izinto ezintathu; zikhetheleni enye yazo, ukuze ngiyenze kini.


UJehova wakhuluma kuGadi, umboni kaDavide, wathi:


Bonke babengamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu wokuphakamisa uphondo. UNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali, namahabhu nezihabhu, njengesiyalezo sikaDavide noGadi umboni wenkosi noNathani umprofethi; ngokuba kwakunjalo ngomyalo kaJehova ngomyalo wakhe abaprofethi.


UJehova wathuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye; omunye ecebile, omunye empofu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite