Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:48 - Contemporary Zulu Bible 2024

48 UNkulunkulu ongiphindiselelayo, owehlisela abantu phansi kwami;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

48 UNkulunkulu onginika impindiselo, othobise izizwe phansi kwami.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:48
11 Referans Kwoze  

Umusa wami nenqaba yami; umbhoshongo wami ophakeme nomsindisi wami; isihlangu sami nalowo engimethembayo; othobisa abantu bami phansi kwami.


Jehova Nkulunkulu, ngeyakhe impindiselo; O Nkulunkulu, ongowakhe impindiselo, zibonise Wena.


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.


Bheka, kwafika uKusi; uKushi wathi: “Thumela, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.


U-Ahimaewu indodana kaSadoki wayesethi: “Mangigijime, ngitshele inkosi ukuthi uJehova umphindisele ezitheni zakhe.”


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


Kuyakuthi uma uJehova enzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, wakumisa ube ngumbusi kwa-Israyeli;


UJehova uyakwahlulela phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kini; kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho.


Baliletha ikhanda lika-Ishi Bosheti kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule, isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uyiphindisele namuhla inkosi yami, inkosi kuSawule nasenzalweni yakhe.


Impindiselo nokuphindisela kungokwami; unyawo lwabo luyokhubeka ngesikhathi esifanele, ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze, futhi izinto ezibehlelayo ziyashesha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite