Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe bembela ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke inkosi eyabayala ngakho. Kwase kuthi-ke uNkulunkulu wakhulekelwa izwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:14
16 Referans Kwoze  

UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. Ngakho uJehova walithandazela izwe, futhi isifo sanqamuka kwa-Israyeli.


neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.


Wayesengibiza, wakhuluma kimi, wathi: “Bheka, abafudukela ezweni lasenyakatho bathulisile umoya wami ezweni lasenyakatho;


Basebemfukula uJona bamjikijela elwandle, ulwandle lwathula ekuthukutheleni kwalo.


UDavide wayala izinsizwa zakhe, zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngasechibini laseHebroni. Kodwa balithatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.


Bammbela u-Abineri eHebroni; inkosi yasiphakamisa izwi layo, yakhala ethuneni lika-Abineri; bakhala bonke abantu.


Lapho nisuka kimi namuhla niyakufumana amadoda amabili ethuneni likaRaheli emngceleni wakwaBenjamini eSelsa; bayakuthi kuwe: Izimbongolo obuye ukuzifuna zitholiwe; bheka, uyihlo waziyeka izimbongolo, wadabuka ngawe, wathi: ‘Ngiyakwenze njani ngendodana yami na?’


Kuyakuba naso, nenzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade; ngoba wayeshisekela uNkulunkulu wakhe, wabenzela ukubuyisana abantwana bakwa-Israyeli.


Wawenyusa khona amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; basebebutha amathambo alabo ababelengisiwe.


Wamlandela umuntu wakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhoboza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Kanjalo isifo sabantwana bakwa-Israyeli sanqandwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite