Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Owesifazana wasesiya ebantwini bonke ngokuhlakanipha kwakhe. Balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBigi, baliphonsa kuJowabe. Wabetha icilongo, basuka emzini, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowo muzi, baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Owesifazane waya kubantu, wabatshela ngecebo lakhe eliphusile, nempela balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBhikhiri, baliphonsa ngaphandle kuJowabe. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu bahlakazeka bawushiya umuzi, babuyela emathendeni abo. UJowabe waphindela enkosini eJerusalema.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:22
10 Referans Kwoze  

Ukuhlakanipha kuqinisa ohlakaniphileyo kunamaqhawe ayishumi asemzini.


Kwaba khona umuntu kaBheliyali ogama lakhe linguSheba, indodana kaBigi umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, futhi asinafa endodaneni kaJese.” Yilowo nalowo makaye ematendeni akhe, Israyeli!


Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.


Kwasekumemeza owesifazana ohlakaniphileyo esemzini esithi: Zwanini, zwanini! nithi kuJowabe: “Sondela lapha ukuba ngikhulume nawe.”


UJowabe wabetha icilongo, abantu babuya emva kuka-Israyeli, ngokuba uJowabe wabavimba abantu.


UJowabe wayesevuthela icilongo, bonke abantu bema, ababe besaxosha u-Israyeli, ababe besalwa.


Bamthatha u-Abisalomu, bamphonsa emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; wonke u-Israyeli wabaleka, kwaba yilowo nalowo waya etendeni lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite