Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 2:4
16 Referans Kwoze  

EHebroni wabusa phezu kukaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu phezu kuka-Israyeli wonke noJuda.


Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


Ngalokho onke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nabo eHebroni phambi kukaJehova; bamgcoba uDavide abe yinkosi phezu kuka-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.


USamuweli wayesethatha uphondo olunamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku. USamuweli wasuka, waya eRama.


Bonke abantu bakwaJuda baphendula abantu bakwa-Israyeli, bathi: “Ngokuba inkosi iseduze nathi; pho kungani uthukuthele ngale ndaba? sadla ngezindleko zenkosi na? noma usinike isipho na?


Inkosi uDavide yasithumela kuSadoki nakubapristi u-Abiyathara ukuthi: “Khulumani kumalunga akwaJuda nithi: ‘Kungani nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo? lapho ebona izwi lika-Israyeli wonke, weza enkosini endlini yayo.


Kwathi amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavida abe yinkosi phezu kukaIsrayeli, wonke amaFilisti enyuka ukumdinga uDavida; uDavide wezwa, wehlela entabeni enqabeni.


Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Manje izandla zenu maziqiniswe, zibe nesibindi, ngokuba inkosi yenu uSawule ifile, nendlu yakwaJuda nayo ingigcobile ngibe yinkosi phezu kwayo.


Lezi ziyizinombolo zamaviyo ayehlomele impi eza kuDavide eHebroni ukuze abuyisele ubukhosi bukaSawule kuye njengezwi likaJehova.


UDavide watshelwa lokho uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, ayekwenzile.


UDavide wahamba wawathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi eGileyadi, ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho amaFilisti ayebalengise khona, lapho amaFilisti enqoba uSawule eGilibowa.


Wayikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi; bambeka inkosi, bamgcoba; futhi bashaya izandla bathi: UNkulunkulu makasindise inkosi!


Lapho lonke iJabeshi eGileyadi likuzwa konke amaFilisti ayekwenzile kuSawule,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite