Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi; nokuthi uziyele wena empini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:11
14 Referans Kwoze  

Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Base bephuma, bona nawo onke amabutho abo kanye nabo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi.


UBenihadadi wayesethumela kuye, wathi: “Mabenze njalo kimi onkulunkulu, bangezelele kanjalo, uma uthuli lwaseSamariya lunganele ukuzalisa izandla zabo bonke abantu abangilandelayo.


UJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, babedla, bephuza, bejabula.


Inkosi yasisithi kuJowabi induna yebutho eyayilaye: Hamba khathesi ezizweni zonke zakoIsrayeli, kusukela koDani kusiya eBherisheba, ubale abantu, ukuze ngazi umumo wabantu.


Manje-ke hlanganisa abantu abaseleyo futhi umise ngokumelene nomuzi futhi uwuthathe, ukuze ngingawuthathi umuzi futhi ubizwe ngegama lami.


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.


U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wathatha isinkwa nojeke wamanzi, wakunika uHagari, wakubeka ehlombe lakhe nomntwana omncane, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane. eBherisheba.


Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe umprofethi kaJehova.


AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


ukuguqula umbuso wendlu kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite