Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 16:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 U-Ahithofeli wayesethi ku-Abisalomu: “Ngena kuzo izancinza zikayihlo azishiyile ukuba zilinde indlu; wonke u-Israyeli uyakuzwa ukuthi unengwa nguyihlo; khona izandla zabo bonke abanawe ziyakuba namandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Abisalomu: “Ngena kuzo izancinza zikayihlo azishiyile ukuba zilinde indlu; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuba unengwa nguyihlo, ziqine izandla zabo bonke abanawe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Absalomu: “Hamba ulale nezancinza zikayihlo, lezo azishiyile ukuba zinakekele isigodlo; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuthi unengwa kangakanani nguyihlo, bese ziyaqina izandla zabo bonke abanawe.”

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 16:21
22 Referans Kwoze  

UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi ezancinza zayo eyayibashiyile ukuba balinde indlu, yabafaka esitokisini, yabagcina, kepha ayingenanga nabo. Ngemva kwalokho baboshwa kwaze kwaba usuku lokufa kwabo, kuyilapho bona bengabafelokazi.


Inkosi yasiphuma lendlu yayo yonke ilandela. Inkosi yashiya abafazi abayishumi, izancinza ukuba zilinde indlu.


Futhi njengoba naniyisiqalekiso phakathi kwezizwe, O ndlu yakwaJuda nawe ndlu ka-Israyeli! ngakho ngiyakukusindisa, wena ube yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.


Manje izandla zenu maziqiniswe, zibe nesibindi, ngokuba inkosi yenu uSawule ifile, nendlu yakwaJuda nayo ingigcobile ngibe yinkosi phezu kwayo.


Ungalimbuli ihlazo lomkayihlo; kuyihlazo likayihlo.


Kuyazwakala ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu;


Inkosi uSolomoni yasiphendula yathi kunina: Umcelelani u-Adoniya u-Abishagi waseShunemi na? mceleni nombuso; ngokuba ungumnewethu; naye, no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.


Wathi: “Tshelani inkosi uSolomoni, ngokuba ayiyikula kini ukuba inginike u-Abishagi waseShunemi, abe ngumkami.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe omkekho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nawomkekho phambi kwamehlo aleli langa.


U-Akhishi wamkholwa uDavide, wathi: “Wenzé abantu bakhe u-Israyeli baba yisinengiso kuye; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube phakade.


Wonke u-Israyeli wezwa ukuthi uSawule uchithe ikampu yamaFilisti nokuthi u-Israyeli unengeka kumaFilisti. Abantu babizelwa ndawonye ukuba bamlandele uSawule eGiligali.


Umuntu olala nomkayise wambulile ihlazo likayise; bobabili bayakubulawa impela; igazi labo liyakuba phezu kwabo.


Waphambukela kuye endleleni, wathi: “Hamba, ngingene nawe; (ngokuba wayengazi ukuthi ungumalokazana wakhe.) Wathi: “Uyakunginikani ukuba ungene nami na?”


U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.


Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama.


U-Abisalomu wayesethi ku-Ahithofeli: “Cemani phakathi kwenu ukuthi siyakwenzani.”


UHusayi wathi ku-Abisalomu: “Iseluleko sika-Ahithofeli asisihle ngalesi sikhathi.”


Babona oonyana baka-Amoni ukuthi bazinukisile phambi kukaDavide, oonyana baka-Amoni bathumela baqasha ama-Aram aseBetirehobhi nama-Aram aseTsobha, amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili angumqikela;


UJonadaba wathi kuye: “Lala embhedeni wakho, ugule; lapho uyihlo efika ukukubona, uthi kuye: ‘Makeze uTamari udadewethu, anginike inyama, alungise inyama.’ phambi kwamehlo ami, ukuze ngiyibone, ngiyidle esandleni sakhe.


Waba yisitha sika-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni, ngaphandle kokubi uHadadi akwenzayo; wamzonda u-Israyeli, wabusa phezu kwama-Aramu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite