Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Inkosi yathi kuSadoki umpristi: “Awusiye umboni na? buyela emzini ngokuthula, namadodana enu omabili kanye nani, u-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Yathi inkosi kuSadoki umpristi: “Ungumboni; buyela emzini ngokuthula, namadodana enu amabili enani, o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Inkosi yathi kuZadoki, umphristi: “Wena ungumboni yini na? Buyela emzini ngokuthula, wena namadodana amabili, u-Ahimahazi, indodana yakho noJonathani, indodana ka-Abhiyathara.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:27
11 Referans Kwoze  

OJonathani no-Ahimahasi bahlala e-Eni Rogeli; ngoba babengabonwa bengena emzini. Bahamba bayitshela inkosi uDavide.


(Esikhathini sokuqala kwa-Israyeli, lapho umuntu eyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza, siye umboni; ngokuba lowo othiwa umprofethi manje wayethiwa uMboni kuqala.)


Bonke babengamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu wokuphakamisa uphondo. UNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.


UDavide esevuka ekuseni, izwi likaJehova lafika kuGadi umprofethi, umboni kaDavide, lathi:


Bheka, kukhona lapho kanye nabo amadodana abo amabili, u-Ahimahazi indodana kaSadoki no-Abiyathara indodana kaJonathani; futhi ngazo kufanele nithumele Kimi konke enikuzwayo.


Kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyinceku yakho, nkosi; njengalokhu ngangiyinceku kayihlo kuze kube manje, ngiyakuba-yinceku yakho manje; khona-ke ungangehlula isiluleko sika-Ahithofeli.


Wathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, ungumuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyenzeka impela; asihambe siye khona manje; mhlawumbe angasikhombisa indlela okufanele sihambe ngayo.


Esakhuluma, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi kuye: “Ngena!” ngoba uyindoda enesibindi futhi uletha izindaba ezinhle.


U-Ahimahasi kwaNafetali; wathatha noBasemati, indodakazi kaSolomoni, waba ngumkakhe.


U-Ahithubi wazala uSadoki, noSadoki wazala u-Ahimahazi;


U-Ahimaewu indodana kaSadoki wayesethi: “Mangigijime, ngitshele inkosi ukuthi uJehova umphindisele ezitheni zakhe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite