Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathumba umuzi wobukhosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 UJowabe wahlasela iRabha labakwa-Amoni, wadla umuzi wasebukhosini.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:26
9 Referans Kwoze  

Ngokuba ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, owasala ensalini yamaRefa; bheka, umbhede wakhe wawungumbhede wensimbi; Kalikhona yini eRabbathi labantwana bakoAmoni? babuyizingalo eziyisishiyagalolunye ubude, nezingalo ezine ububanzi, ngokwengalo yomuntu.


UDavide wayesethi kuso isithunywa: “Uzakusho kanje kuJowabe, uthi: ‘Le ndaba mayingakuthukuthelisi, ngokuba inkemba idla omunye njengalokhu; qinisa impi yakho ngokumelene nomuzi futhi uwuchithe, futhi uwukhuthaze.


Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukulwa, uDavida wathuma uJowabi lenceku zakhe kanye laye loIsrayeli wonke; babulala abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wasala eJerusalema.


Wathuma ngesandla somprofethi uNathani; waqamba igama layo ngokuthi uJedidiya ngenxa kaJehova.


UJowabe wathuma izithunywa kuDavide, wathi: “Ngalwa neRaba, ngathatha umuzi wamanzi.”


UDavide esefikile eMahanayimi, noSobi indodana kaNahashi eRaba labantwana bakwa-Amoni, noMagiri indodana ka-Amiyeli eLodebari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi,


Ngiyakwenza iRaba libe yidlelo lamakamela, nabantwana bakwa-Amoni libe yindawo yezimvu; nizokwazi ukuthi nginguJehova.


Ngubani ozangingenisa emzini oqinileyo? ngubani ongangiyisa kwa-Edomi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite