Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 1:16
24 Referans Kwoze  

Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.


Wathi kuyo: “Ngizakwahlulela ngokuphuma emlonyeni wakho, nceku embi. Ubuwazi ukuthi ngingumuntu olukhuni, othabatha engingakubekanga, avune engingakuhlwanyelanga;


Ngoba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; wathuka uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.


Khathesi siyazi ukuthi konke okutshoyo umlayoukutsho kwabangaphansi komlayo, ukuze yonke imilomo ivinjwe, lokuthi umhlaba wonke ube lecala phambi kukaNkulunkulu.


Uyabanjwa ngamazwi omlomo wakho, ubanjwe ngamazwi omlomo wakho.


Ngokuba mhla uphuma, udabula umfudlana iKidroni, uyakwazi nokwazi ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba phezu kwekhanda lakho.


Ngema phezu kwakhe, ngambulala, ngokuba ngangazi ukuthi akayikuphila emva kokuwa kwakhe; ngase ngithatha umqhele owawusekhanda lakhe nesongo elisengalweni yakhe ngakuletha lapha enkosini yami.


UDavida wasesithi kuAbishayi: Ungambulali, ngoba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo weNkosi, angabi lecala?


Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe.


Ngakho ngiyafakaza kini namuhla ukuthi anginacala egazini labo bonke abantu.


Wezwa ukukhala kwecilongo, akaxwayisanga; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe. Kepha omxwayisayo uyakusindisa umphefumulo wakhe.


Wasebenzisa inzuzo, wathatha inzuzo; uzophila ngaleso sikhathi? akayikuphila; zonke lezi zinengiso wazenza; uyakufa nokufa; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.


Umlomo wakho uyakulahla, akumina; yebo, izindebe zakho ziyafakaza ngawe.


Ukuze ububi obenziwa kumadodana kaJerubali angamashumi ayisikhombisa bufike, negazi lawo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owawabulalayo; nangabakwaShekemi abamsiza ekubulaleni abafowabo.


Ukuze kungachithwa igazi elingenacala ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho, kube phezu kwakho igazi.


Futhi, owesilisa noma owesifazane onomoya wemvelo yokuxhamazela noma umthakathi kumelwe nakanjani abulawe; kumelwe bakhandwe ngamatshe; igazi labo liyakuba phezu kwabo.


Uma owesifazane esondela esilwaneni, alale kuso, kumelwe nimbulale owesifazane nesilwane; kufanele babulawe impela; igazi labo liyakuba phezu kwabo.


Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.


UJehova wabuyisela lonke igazi lendlu kaSawule owabusa esikhundleni sakhe phezu kwakho; uJehova wanikela umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho;


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite