Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 4:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga lami, ngigcinile ukukholwa;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga, ngikugcinile ukukholwa;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga lami, ngigcinile ukukholwa;

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 4:7
22 Referans Kwoze  

Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma isivumo esihle phambi kofakazi abaningi.


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.


Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.


Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, futhi uligcinile izwi lami, kawuliphikanga igama lami.


Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni.


Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.


Thimothi, gcina lokho okuphathisiweyo, uxwaye inkulumo eziyize leze, lokuphikisa okubizwa ngokuthi yisayensi engamanga;


Lokho okuhle okuphathisiweyo ukugcine ngoMoya oNgcwele ohlezi kithi.


Lo myalo ngiwunika wena Thimothewu, ndodana, ngokweziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe impi enhle;


Ngilibonakalisile igama lakho kubantu onginike bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


Thenga iqiniso, ungalithengisi; nokuhlakanipha nesiyalo nokuqondisisa.


Kwathi uJohane eseqedile ukuhamba kwakhe, wathi: Nithi ngingubani na? Angiyena. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe ezinyaweni zakhe.


Ngenyuka ngesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe, kepha ngasese kwabadumileyo, funa mhlawumbe ngigijime noma ngigijimele ize.


Nilokulwa okufanayo enakubona kimi, nezwa manje ukuthi ukimi.


Kodwa wena usuyazile ngokugcwele imfundiso yami, indlela yokuphila, inhloso, ukholo, ukubekezela, uthando, ukubekezela,


Base benikwa bonke izingubo ezimhlophe; Kwathiwa kubo ukuthi basaphumule isikhashana, kuze kugcwaliseke nezinceku ezikanye nabo nabafowabo ababezobulawa njengabo.


Futhi kusukela eminyakeni engamashumi amahlanu ubudala bayoyeka ukulinda inkonzo yayo futhi ngeke besakhonza.


Kuphela ukuze izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, ukubafundisa impi, okungenani labo ababengayazi ngaphambili;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite