Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho ungabi namahloni ngobufakazi beNkosi yethu, nangami isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela osizini lwevangeli ngokwamandla kaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngakho ungabi namahloni ngobufakazi beNkosi yethu, nangami isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela osizini lwevangeli ngokwamandla kaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 1:8
48 Referans Kwoze  

Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.


Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.


Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.


Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Ngenxa yalokhu lami ngihlupheka ngalezizinto, kodwa kangilanhloni, ngoba ngiyamazi engikholiweyo, njalo ngiqinisekile ukuthi ulamandla okulondoloza lokho engikubeke kuye kuze kufike lolosuku.


Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe,


ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe;


Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise, neyezingelosi ezingcwele.


INkosi mayiphe umusa endlini ka-Onesiforu; ngokuba wangiqabula kaningi, akabanga namahloni ngamaketanga ami;


Ngakho-ke mina, siboshwa seNkosi, ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho;


Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.


Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;


Nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina.


Ngakho wena khuthazelela ubunzima njengebutho elihle likaJesu Kristu.


Ngokuba sisekhona kini, sanitshela ngaphambili ukuthi siyakuhlushwa; njengoba kwenzeka, futhi niyazi.


njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.


Ngakho-ke ngiyathanda ukuba ningadangali ngokuhlushwa kwami ngenxa yenu, okungudumo lwenu.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;


Nathi sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi womhlaba.


Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


njengokulotshiweyo ukuthi: Khangela, ngibeka eZiyoni ilitshe lokuwisa ledwala lokuwisa;


Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo.


njengalokhu ubufakazi bukaKristu baqiniswa kini;


Lowo obonileyo ufakazile, nobufakazi bakhe buqinisile, naye uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe.


Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


engithokozayo khathesi ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, njalo enyameni yami ngigcwalisa okusilele kwezinhlupheko zikaKristu ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo;


Ngezwi leqiniso, ngamandla kaNkulunkulu, ngezikhali zokulunga ngakwesokunene nangakwesokhohlo;


Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu zokuhlatshwa.


Nani-ke nizafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.


Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.


Umthetho kaJehova uphelele, uvuselela umphefumulo; ubufakazi bukaJehova buqinisile, buhlakaniphisa abangenalwazi.


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi ngesikhathi esifaneleyo.


Niqiniswe ngamandla onke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kube kukho konke ukubekezela nokubekezela kanye nentokozo;


Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.


Kodwa khathesi sibonakalisiwe ngokubonakala koMsindisi wethu uJesu Kristu, osechithile ukufa, waseveza ekukhanyeni ukuphila lokungabhubhi ngevangeli;


Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite