Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 1:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo ngonembeza omsulwa kusukela kokhokho, njengokuba ngikukhumbula njalo emikhulekweni yami ubusuku nemini,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini;

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 1:3
21 Referans Kwoze  

UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade.


UPawuli wawugqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.


Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngendlela abayibiza ngokuthi ihlelo, ngokunjalo ngiyamkhonza uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiweyo emthethweni nakubaprofethi;


Ubambile ukholo nonembeza omuhle; abanye ngokuyilahla ngokukholwa, baphahlazeka umkhumbi;


Kepha isiphetho somyalo siluthando oluphuma enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisi;


Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.


Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.


lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe.


Ubusuku nemini sikhuleka kakhulu ukuba sibone ubuso benu, siphelelise okusilelayo ekukholweni kwenu na?


angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami;


futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba.


Ngokuba ukuthokoza kwethu yilokhu, ubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi ngobuqotho nangobuqotho bukaNkulunkulu, sihambe ngokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu, kakhulu kinina kakhulu.


Ngikhuluma iqiniso kuKristu, angiqambi amanga, unembeza wami uyangifakazela ngoMoya oNgcwele;


Ngoba kulobubusuku bekumi kimi ingilosi kaNkulunkulu engingowakhe, lengimkhonzayo,


Indlela yami yokuphila kwasebusheni bami ekuqaleni eyayiphakathi kwesizwe sakithi eJerusalema ayazi bonke abaJuda;


Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini.


Kepha mina, kwangathi uNkulunkulu angangivimbela ukuba ngoni kuJehova ngokuyeka ukunithandazela; kodwa ngizonifundisa indlela enhle nelungile.


Kepha yena ongumfelokazi osele yedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite