Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 3:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye becabanga ukuthi ilibele, kepha iyanibekezelela, ngoba ingafuni kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke bafinyelele empendukweni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 3:9
24 Referans Kwoze  

Othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele olwazini lweqiniso.


Noma udelela ingcebo yobubele bakhe nokubekezela nokubekezela kwakhe; ungazi ukuthi umusa kaNkulunkulu ukuyisa ekuphendukeni na?


Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiwe, kepha ekugcineni uyakukhuluma, ungaqambi amanga; noma lilibala, lilinde; ngoba lizakuza lokufika, kalisoze liphele.


Kodwa wena, Nkosi, unguNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, omkhulu ngobubele leqiniso.


Ngalokho uJehova uyakulinda ukuba abe nesihe kini, ngalokho uyakuphakanyiswa, abe nomusa kini; ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamlindileyo.


Ngamnika isikhathi sokuthi aphenduke ebufebeni bakhe; futhi kaphendukanga.


Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kuyinsindiso; njengoba laye umzalwane wethu othandekayo uPawuli ekulobela kwakhe ngokuhlakanipha akunikwayo;


Kodwa ngenxa yalokhu ngahawukelwa, ukuze kimi mina engingomkhulu uJesu Kristu abonakalise konke ukubekezela, ngibe yisibonelo kwabazakholwa kuye ekuphileni okuphakade.


Ngokuba kuseyisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala.


INkosi yasidlula phambi kwakhe yamemeza yathi: INkosi, iNkosi, uNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, ochichimayo ebuhleni leqiniso!


Uma uNkulunkulu ethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokwenza amandla akhe aziwe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa;


Ngisondeza ukulunga kwami; akuyikuba kude, nensindiso yami ayiyikulibala; ngiyakubeka insindiso eSiyoni ku-Israyeli, inkazimulo yami.


Uma wenza lokhu futhi uNkulunkulu ekuyala kanjalo, khona-ke uyokwazi ukukhuthazela, futhi bonke laba bantu bayobuyela endaweni yabo ngokuthula.


Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.


Kodwa manje, uma ufuna ukubathethelela isono sabo—; uma kungenjalo, ngesule encwadini yakho oyilobile.


UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokho umuntu ekhuluma nomngane wakhe. Wabuyela ekamu, kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, akasukanga etendeni.


Umusa wakhe uphele phakade na? isithembiso sakhe asifezeki kuze kube phakade na?


Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.


Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Ekupheleni kwezinyanga eziyishumi nambili wayehambahamba esigodlweni sombuso waseBhabhiloni.


Nalokho nisazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuvuka ebuthongweni;


Ubusuku budlulile, usuku selusondele; ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.


Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite