Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 3:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 3:18
26 Referans Kwoze  

ukuze nihambe ngokufanele iNkosi ngokuthokozisa konke, nithela kuyo yonke imisebenzi emihle, nikhule ekwazini uNkulunkulu;


Kodwa sikhuluma iqiniso othandweni, sikhulele kuye ezintweni zonke, oyinhloko, uKristu;


Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;


Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu;


ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aninike umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;


njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni.


Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.


Olungileyo uyakuqhakaza njengesundu, akhule njengomsedari waseLebanoni.


Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;


Ngokuba konke kuvela kuye, ngaye, kuye, makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


Wasesenza amakhosi labapristi kuNkulunkulu uYise; makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


KuNkulunkulu yedwa ohlakaniphileyo, uMsindisi wethu, makube inkazimulo nobukhosi, nobukhosi, namandla, manje naphakade. Amen.


Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu.


Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala.


Ngokuba uma lezizinto zikhona kini, zivama, zinenza ukuba ningabi-inyumba nabangatheli ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakumila njengomnduze, anabe izimpande zakhe njengeLebanoni.


ukuze bonke bahloniphe iNdodana, njengalokhu bedumisa uYise. Ongayihloniphi iNdodana akamhloniphi uYise oyithumileyo.


Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokwazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite