Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 njengalokhu nakuzo zonke izincwadi zakhe, ekhuluma kuzo ngalezizinto; okukhona kuzo ezinye izinto ezilukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundileyo nabangazinzile bazihlanekezele, njengokuba benza neminye imibhalo, kube ngukubhujiswa kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi, kube ngukubhujiswa kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe zonke uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bazidonsela ukubhujiswa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 njengalokhu nakuzo zonke izincwadi zakhe, ekhuluma kuzo ngalezizinto; okukhona kuzo ezinye izinto ezilukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundileyo nabangazinzile bazihlanekezele, njengokuba benza neminye imibhalo, kube ngukubhujiswa kwabo.

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 3:16
26 Referans Kwoze  

ingahloniphi uyise noma unina; Kanjalo nenze umyalo kaNkulunkulu ube yize ngesiko lenu.


Sinokuningi esingakusho ngaye, okunzima ukukukhulumela, lokhu nina niba buthuntu ekuzweni.


Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe:


Umuntu onhliziyombili kagxilile kuzo zonke izindlela zakhe.


abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.


Ningabe nisakhuluma ngomthwalo kaJehova, ngokuba izwi lawo wonke umuntu liyakuba ngumthwalo wakhe; ngoba niwahlanekezele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wethu.


netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.


UJesu waphendula, wathi kubo: Nidukile, ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.


Ngakho-ke umthetho uxegisiwe, nokwahlulelwa akuphumi; ngokuba ababi bahaqa olungileyo; ngakho-ke ukwahlulela okungalungile kuyaqhubeka.


Imihla yonke bayawachitha amazwi ami; yonke imicabango yabo imelene Nami.


Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.


Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.


Kodwa waphendula wathi kubo: Lani kungani leqe umlayo kaNkulunkulu ngesiko lenu?


UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya,


Indlovukazi yaseSheba isizwile umbiko kaSolomoni ngeGama likaJehova, yeza ukumvivinya ngemibuzo enzima.


Ungachithi ukwahlulela; awuyikubanaka abantu, ungamukeli isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo, siphendukezela amazwi abalungileyo.


Ungalichithi ilungelo lompofu wakho ecaleni lakhe.


Ungalandeli isixuku ukwenza okubi; futhi ngeke ukhulume ukwenqaba ngemva kwabaningi ukubhubhisa ukwahlulela.


Ongazinzile njengamanzi, awuyikuba mnandi; ngoba wenyukela embhedeni kayihlo; bese uyalingcolisa; wakhuphukela embhedeni wami.


ukuze likhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili ngabaprofethi abangcwele, lomlayo wethu thina baphostoli beNkosi loMsindisi;


Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite