Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 1:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba wamukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kwafika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo” –

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni emangalisayo, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 1:17
36 Referans Kwoze  

Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo;


Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.


UMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngiyathokoza ngawe.


Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.


Bheka, inceku yami engiyikhethileyo; othandiweyo wami othokoza kuye umphefumulo wami;


UYise uyayithanda iNdodana, njalo unikele zonke izinto esandleni sayo.


Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;


Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.


Umusa kawube kini, lesihawu, lokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba leNkosini uJesu Kristu, iNdodana kaYise, ngeqiniso lasothandweni.


Tsohle ke di neilwe ke Ntate; mme ha ho ya tsebang Mora ke mang, haese Ntate; le hore na Ntate ke mang, haese Mora, le eo Mora a ratang ho mo senolela yena.


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, noNkulunkulu wenduduzo yonke;


UNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obongeka kuze kube phakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.


ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.


UJuda, inceku kaJesu Kristu, nomfowabo kaJakobe, kubo abangcwelisiwe nguNkulunkulu uBaba, nabalondolozwe kuJesu Kristu, nababiziweyo:


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;


Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.


Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.


Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani yimi ngenxa yayo yona imisebenzi.


Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.


ukuze ngamlomo munye nikhazimulise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.


Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; uyakuyikhombisa nemisebenzi emikhulu kunale ukuba nimangale.


Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite