Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 6:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Pho-ke niyenzelani lukhuni izinhliziyo zenu njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenza ngokuyisimangaliso phakathi kwabo, abavumelanga yini abantu ukuthi banyakaze futhi basuke?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Nenzeleni zibe lukhuni izinhliziyo zenu, njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenzile phakathi kwabo, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Nizenzeleni lukhuni izinhliziyo zenu, njengoba kwenza abaseGibhithe noFaro, abazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebashaye kanzima, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 6:6
16 Referans Kwoze  

Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe.


Kodwa uFaro esebonile ukuthi sekuphuzile, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga; njengokutsho kweNkosi.


Wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba angabalaleli; njengokutsho kweNkosi.


Lapho uFaro ebona ukuthi imvula nesichotho nokuduma kunqamukile, waqhubeka wona futhi wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.


Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono.


Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;


Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengasekulingweni nanjengasosukwini lokulingwa ehlane.


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?


AbaseGibithe babaxosha, bawalandela kwaze kwaba phakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.


OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.


Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Naye uFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe ngalesi sikhathi, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.


UJehova wathi kuMose: “Uma ubuyela eGibithe, qiniseka ukuthi uyazenza phambi kukaFaro zonke lezo zibonakaliso engizinikele esandleni sakho; kodwa ngizayenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabayekeli abantu bahambe.


INkosi yasisithi kuMozisi: Inhliziyo kaFaro ilukhuni, kavumi ukuthi abantu basuke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite