Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 31:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho abantu bakwa-Israyeli ababengaphesheya kwesigodi nabangaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; afika amaFilisti, ahlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 31:7
8 Referans Kwoze  

Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini.


Isandla sakwaMidiyani saba namandla phezu kuka-Israyeli, abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imigodi esezintabeni, nemigede, nezinqaba ngenxa yabakwaMidiyani.


Isithelo sezwe lakho nomsebenzi wakho wonke kuyakudliwa yisizwe ongasazi; futhi uyochotshozwa njalo uchotshoziwe.


Futhi mayelana nalabo kini abasele bephila, ngizothumela ukudangala ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; umsindo weqabunga elikhencezayo uyobasukela; bayakubaleka njengababaleki phambi kwenkemba; bayakuwa uma kungekho obaxoshayo.


Ngiyokwenza izwe libe yincithakalo, futhi izitha zenu ezihlala kulo ziyomangala.


Ngakho uSawule namadodana akhe amathathu nodibi lwezikhali zakhe nabo bonke abantu bakhe bafa kanyekanye ngalusuku lunye.


Kwathi ngangomuso lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa.


Amanye amaHeberu awela iJordani, aya ezweni lakwaGadi nelakwaGileyadi. Kepha uSawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite