Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 30:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 UDavida esefikile eZikilagi, wathuma enye empangweni kubadala bakoJuda kubangane bakhe, wathi: Khangelani, kukhona isipho senu empangweni yezitha zikaJehova;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: “Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 UDavide esefikile eZikilagi, wathumela enye impango kumalunga akwaJuda nakubangani bakhe, wathi: “Bhekani, nasi isipho senu esiyimpango ethathwe ezitheni zikaSimakade.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 30:26
14 Referans Kwoze  

Manje-ke, lesi sibusiso inceku yakho esilethe enkosini yami, masinikwe nezinsizwa ezilandela inkosi yami.


Ngakho-ke ngibone kudingekile ukuba ngikhuthaze abazalwane, ukuba bandulele ukuza kini, futhi balungise ngaphambili isipho senu enasiphawula ngaphambili, sona sibe silungisiwe, sibe njengesibusiso, kungabi njengesokuhaha.


Kodwa abaphanayo bacabanga ngokuphana; futhi uyokuma ezintweni zokuphana.


Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo.


Mabajabule, bajabule, abathanda ukulunga kwami; yebo, mabasho njalonjalo: Makabe mkhulu uJehova othokoza ngokuphumelela kwenceku yakhe.


Wabuyela kumuntu kaNkulunkulu, yena nesixuku sakhe sonke, weza, wema phambi kwakhe; wathi: Bheka, manje ngiyazi ukuthi akukho Nkulunkulu emhlabeni wonke, ngaphandle kwa-Israyeli; Khuleka, uthathe isibusiso encekwini yakho.


Thathani isibusiso sami esilethwa kini; ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa, nangenxa yokuthi nginokuningi. Wamncenga, wakwamukela.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; vele ube nesibindi ngami, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masimelane naye.”


Xolela isiphambeko senceku yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela inkosi yami indlu; ngokuba inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova, akufunyanwanga okubi kuwe zonke izinsuku zakho.


UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo abazixosha phambi kwezinye izinkomo, wathi: “Le yimpango kaDavide.”


Kwathi kusukela ngalolo suku kuya phambili wakwenza kwaba yisimiso nesimiso kwa-Israyeli kuze kube namuhla.


Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide ebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, uDavide wahlala izinsuku ezimbili eZikilagi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite