Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 USamuweli wayesefile, wonke u-Israyeli wamlilela, wammbela eRama, yebo, emzini wakubo. USawule wayikhipha imimoya yabafileyo nabathakathi ezweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:3
12 Referans Kwoze  

Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.


Futhi, owesilisa noma owesifazane onomoya wemvelo yokuxhamazela noma umthakathi kumelwe nakanjani abulawe; kumelwe bakhandwe ngamatshe; igazi labo liyakuba phezu kwabo.


Ningayinaki imimoya yabafileyo, ningafuni abathakathi ukuba ningcoliswe yiyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Ungavumeli umthakathi aphile.


Owesifazana wasesithi kuye: Khangela, uyakwazi wena akwenzayo uSawuli, ukuthi waqeda imimoya yabafileyo labathakathi elizweni; ngalokho ubeke ugibe ukuze umphefumulo wami ufe na?


Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.


Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.


Umphefumulo ophendukela emimoyeni yabafileyo nakubathakathi ukuba ufebe emva kwabo, ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngiwunqume phakathi kwabantu bakubo.


Uma uyise enqaba nokumnika yona, kumelwe akhokhe imali njengelobolo lezintombi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite