Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 26:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Abishayi wayesethi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; mangimgwaze phansi ngomkhonto kanye nje, ngingaphinde ngimehlule okwesibili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 U-Abhishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu usinikele esandleni sakho isitha sakho namuhla, ngakho-ke mangimbhokode kanye ngomkhonto ngimhlanganise nomhlabathi, ngingamphindi.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 26:8
16 Referans Kwoze  

Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nalu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso njengokuthanda kwakho.’ Khona-ke uDavide wasukuma wanquma ngasese ijazi lesambatho sikaSawule.


UJehova uyabuyisela, kube yilowo nalowo ukulunga kwakhe nokuthembeka kwakhe, ngokuba uJehova ukunikele esandleni sami namuhla, kepha angithandanga ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala entabeni ehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


Wakhuphuka uJuda; uJehova wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sabo, babulala kubo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekuthembisile koyise ngesifungo; akwabakho muntu kuzo zonke izitha zabo owama phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?


Ngoba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungakholweni, ukuze abe lesihawu kibo bonke.


Nicabangani ngoJehova? uyakuqeda; usizi aluyikuvela ngokwesibili.


Futhi awungivalelanga esandleni sesitha; ufaka izinyawo zami ekamelweni elikhulu.


UDavide no-Abishayi bafika kubantu ebusuku, bheka, uSawule wayelele ubuthongo emgodini, nomkhonto wakhe ugxunyekwe emhlabathini ngasemgodleni wakhe, kepha u-Abineri namadoda belele nxazonke zakhe.


UDavida wasesithi kuAbishayi: Ungambulali, ngoba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo weNkosi, angabi lecala?


U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? mangidlula ngimkhumule ikhanda.


UJohanani indodana kaKhareya wayesekhuluma kuGedaliya ngasese eMispa, wathi: “Ngivumele ngihambe ngibulale u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, kungaziwa muntu; kufanele akubulaleleni, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazeke, nensali yakwaJuda ibhubhe na?


Ngasemuva inhliziyo kaDavide yamshaya, ngokuba wayesikile ingubo kaSawule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite