Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 26:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 USawuli wasesithi: Ngonile; buya, ndodana yami Davide, ngokuba angisayikukwenza okubi, ngokuba umphefumulo wami ubuyigugu emehlweni akho namuhla;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami Davide, ngokuba angisayikukulimaza, lokhu ukuphila kwami bekuyigugu emehlweni akho namuhla; bheka, ngenze okwesiwula, ngidukile kakhulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami, Davide, ngokuba angizukukulimaza futhi, njengoba ukuphila kwami kube yigugu emehlweni akho namuhla; ngenzise okwesiwula, ngidukile kakhulu.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 26:21
16 Referans Kwoze  

Wathi kuDavide: “Wena ulungile kunami, ngokuba ungibuyisele okuhle, mina ngikuphindisele okubi.”


USawuli wasesithi kuSamuweli: Ngonile, ngoba ngeqile ilizwi leNKOSI lelizwi lakho, ngoba ngesaba abantu, ngalalela ilizwi labo.


UFaro wayesethuma wabiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile ngalesi sikhathi; uJehova ulungile, mina nabantu bami sibabi.


esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena.


Wathi: “Ngonile; kepha ngidumise phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, nibuye nami, ngikhonze uJehova uNkulunkulu wenu.


Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.


(Ngoba insindiso yomphefumulo wabo iyigugu, futhi ihlala kuze kube phakade.)


USawule watshelwa ukuthi uDavide ubalekele eGati, wayengasamfuni.


Bheka, njengoba nje umphefumulo wakho unqunyiwe emehlweni ami kuze kube namuhla, kanjalo umphefumulo wami mawuqine phambi kukaJehova, futhi makangisindise kuzo zonke izinhlupheko.


Zase ziphuma izikhulu zamaFilisti, zaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha ngaphezu kwazo zonke izinceku zikaSawule; ukuze igama lakhe libe likhulu.


UBileyamu wayesethi kuyo ingelosi kaJehova: “Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni ngokumelene nami; ngizobe sengibuyela kuwe manje uma ungakuthandi.


UDavide waphendula wathi: “Nanku umkhonto wenkosi; makusondele enye yezinsizwa izoyilanda.


Iyakukhulula umphefumulo wabo enkohliso nasendluzuleni, igazi labo libe yigugu emehlweni akhe.


USamuweli wayesethi kuSawule: “Wenze ngobuwula; awuwugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo; ngoba manje uJehova ubezakuqinisa ubukhosi bakho phezu kukaIsrayeli kuze kube nininini.


Waphinda wathuma induna yesithathu yabangamashumi amahlanu kanye nabangamashumi amahlanu bayo. Inkosi yesithathu yabangamashumi ayisihlanu yakhuphuka, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka-Eliya, yamncenga, yathi kuye: “O muntu kaNkulunkulu, gcina umphefumulo wami nomphefumulo walaba bakhonzi bakho abangamashumi ayisihlanu. Ube yigugu emehlweni akho.


Bheka, kwehla umlilo ezulwini, washisa izinduna ezimbili zamashumi ayisihlanu zokuqala kanye namashumi ayisihlanu azo; ngalokho ukuphila kwami kumelwe kube yigugu manje emehlweni akho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite