Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Inkosi yami mayingamnaki lo muntu omubi, uNabali, ngokuba njengegama lakhe unjalo; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina nceku yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithuma.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Inkosi yami mayingabeki inhliziyo yayo kulo muntu okhohlakele, uNabali, ufuze igama lakhe, unjalo nje yena; nguNabali igama lakhe, uyisiwula. Kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami eyayizithumile.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:25
9 Referans Kwoze  

Yazi manje, unake lokho ozakukwenza; ngoba ngokuqinisekile ububi bumelene nenkosi yethu naphezu kwayo yonke indlu yayo, ngoba iyindodana kaBheliyali kangangokuthi akekho ongakhuluma nayo.


Uma ningalaleli, futhi uma ningakubekeli enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti, ngiyakuthuma phezu kwenu isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengikwenzile. Waziqalekisa, ngokuba awukubeki enhliziyweni.


Manje inkosi yami, inkosi, mayingayifaki enhliziyweni le ndaba ukuthi wonke amadodana enkosi afile; ngoba nguAmnoni yedwa ofileyo.


Ngakho wathululela phezu kwakhe ukuvutha kolaka lwakhe namandla empi, kwamthungela inhlangothi zonke, kodwa yena engakwazi; wamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni.


Ngakho-ke, nkosi yami, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, lokhu uJehova ukuvimbile ukuba ungezi ukuchitha igazi nokuziphindisela ngesandla sakho, izitha zakho nabenza okubi mazifune iNkosi yami, njengoNabali.


Wawa phansi ezinyaweni zakhe, wathi: “Lobu bubi mabufike phezu kwami, nkosi yami, incekukazi yakho mayikhulume phambi kwezilaleli zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho.”


Umuntu ophansi ngeke esabizwa ngokuthi ukhululekile, futhi ngeke kuthiwe uyisichinga.


Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; futhi wayengowesifazane onengqondo enhle futhi ebukekayo; wayengowendlu kaKalebi.


Olungileyo uyayiqaphela indaba yompofu, kepha omubi akayilaleli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite