Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 UDavida wasesithi: Isibili, mina ngalinda ngeze konke alakho lumuntu enkangala, kakuswelekanga lutho kukho konke okwakhe, wabuyisela ububi bami ngokuhle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UDavide wayeshilo ukuthi: “Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 UDavide wayethe: “Impela konke kuyize ukuthi mina ngakuvikela konke lo muntu anakho, manje usengibonga ngokwenza into embi kanje kimi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:21
19 Referans Kwoze  

Lowo ophindisela okubi ngokuhle, ububi abuyikusuka endlini yakhe.


Makususwe kini konke ukufutheka, nolaka, nentukuthelo, nomsindo, nokuhlambalaza, kanye nakho konke okubi.


Thukuthelani, ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Unganqotshwa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.


Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka nenza okubi.


Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.


ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.


Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.


Abaphindisela okubi ngokuhle bayizitha zami; ngoba mina ngilandela into enhle.


Yeka ukuthukuthela, ushiye ukuthukuthela; ungathukutheli nganoma iyiphi indlela ukwenza okubi.


Babuyisela ububi bami ngokuhle, bachitha umphefumulo wami.


Babengabantwana beziwula, yebo, abantwana babantu abayize; babephansi kunomhlaba.


UDavide wayesethi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe; Babhinca, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; Naye uDavide wabhinca inkemba yakhe, wenyuka wamlandela uDavide kungathi amadoda angamakhulu amane; abangamakhulu amabili basala kwabalungileyo.


Sebephumile emzini, bengakabi kude, uJosefa wathi kumphathi wakhe: “Sukuma, ulandele amadoda ngemuva; futhi uma ubafica, uthi kubo: “Kungani nibuyisela okubi ngokuhle na?”


Manje ngizwile ukuthi unabagundi; manje abelusi bakho ababe nathi, asibalimazanga, abasweli lutho ngaso sonke isikhathi beseKarmeli.


Kodwa lawo madoda ayesiphatha kahle kakhulu, asilimalanga, futhi asiphuthelwa lutho ngesikhathi sisensimini sijwayelene nawo.


Ekhwele imbongolo, wehlela endaweni yokucasha yentaba, bheka, uDavide nabantu bakhe behla ukumhlangabeza; wahlangana nabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite