Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USamuweli wafa; wahlangana wonke u-Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:1
20 Referans Kwoze  

USamuweli wayesefile, wonke u-Israyeli wamlilela, wammbela eRama, yebo, emzini wakubo. USawule wayikhipha imimoya yabafileyo nabathakathi ezweni.


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose.


Lapho yonke inhlangano ibona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu ka-Israyeli.


UManase wayeselala koyise, bammbela endlini yakhe; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu.


Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.


Wahlala ehlane lasePharanu, unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.


Khona-ke uBhenaya indodana kaJehoyada wakhuphuka wawela phezu kwakhe wambulala, futhi wembelwa endlini yakhe ehlane.


UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.


Wonke amakhosi ezizwe, wonke alele enkazimulweni, ngulowo lalowo endlini yakhe.


Maye kimina, ngokuba ngigogobele kwaMesheki, ngihlala ematendeni akwaKedari!


Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.


Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.


Ngemva kwalokho abantu basuka eHazerothi bamisa inkamba enkangala yePharanu.


Abakhileyo kulelo zwe, amaKhanani, bebona ukulila ebaleni lika-Athadi, bathi: “Lokhu kuyisililo esikhulu samaGibithe; ngalokho igama laso laqanjwa ngokuthi i-Abela Mizirayimi engaphesheya kweJordani.


namaHori ezintabeni zawo iSeyiri, kwaze kwaba se-Eliparani elisehlane.


UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, ensimini ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula.


Oyihlo bangaphi? nabaprofethi baphila phakade na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite