Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 23:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukuthola; uzakuba yinkosi phezu kukaIsrayeli, mina ngibe lawe; lobaba uSawuli uyakwazi lokhu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 23:17
24 Referans Kwoze  

Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni, wena nombuso wakho awuyikuqiniswa. Manje-ke thumela umlethe kimi, ngokuba uzokufa nokufa.


Manje bheka, ngiyazi kahle ukuthi uyakuba yinkosi impela, nokuthi umbuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.


Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani.


Kwathi sesifikile eRoma, induna yekhulu yanikela izibotshwa enduneni yabalindi, kodwa uPawuli wavunyelwa ukuthi ahlale yedwa lebutho elimgadileyo.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyophumelela; nalo lonke ulimi olukuvukelayo ekwahluleleni kumelwe ululahle. Leli yifa lezinceku zikaJehova, nokulunga kwazo okuvela kimi,” usho uJehova.


Njalo nxa ngizakuya eSpaniya, ngizakuza kini;


Kepha uma kuvela kuNkulunkulu, anikwazi ukukuchitha; funa nifunyanwe ningabalwa noNkulunkulu.


Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Kunamacebo amaningi enhliziyweni yomuntu; nokho icebo likaJehova liyakuma.


Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla, nabantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nalu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso njengokuthanda kwakho.’ Khona-ke uDavide wasukuma wanquma ngasese ijazi lesambatho sikaSawule.


Ngokuba uma umuntu efumana isitha sakhe, uyakusikhulula na? ngalokho uJehova uyakukuvuza kahle ngalokho okwenze kimi namuhla.


UJehova ungakimi; angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?


Hlala nami, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho; kepha uma unami uyakusindiswa.


Manje funga kimi ngoJehova ukuthi awuyikuqeda inzalo yami emva kwami, nokuthi awuyikuqeda igama lami endlini kababa.


Kuyakuthi uma uJehova enzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, wakumisa ube ngumbusi kwa-Israyeli;


Qinisani izandla ezibuthakathaka, niqinise amadolo abuthakathaka.


Khulumani kwabesaba inhliziyo ukuthi: Qinani, lingesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza nempindiselo, uNkulunkulu enempindiselo; uzoza anisindise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite