Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wabayisa phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni yasezintabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wabaletha phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala kuye zonke izinsuku uDavide esenqabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Wabayisa enkosini yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:4
15 Referans Kwoze  

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba uJehova; nisho kanjani emphefumulweni wami ukuthi: “Balekela entabeni yakho njengenyoni na?


Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Ngasengisithi: Umuntu onjengami uzabaleka yini? Ngubani onjengami ongangena ethempelini ukusindisa ukuphila kwakhe na? Ngeke ngingene.


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali, namahabhu nezihabhu, njengesiyalezo sikaDavide noGadi umboni wenkosi noNathani umprofethi; ngokuba kwakunjalo ngomyalo kaJehova ngomyalo wakhe abaprofethi.


Ukulandisa kwenkosi uDavide, ezokuqala nezokugcina, bheka, kulotshiwe encwadini kaSamuweli umboni, nasencwadini kaNathani umprofethi, nasencwadini kaGadi umboni,


UJehova wakhuluma kuGadi, umboni kaDavide, wathi:


Kwafika nabanye babantwana bakwaBenjamini noJuda entabeni kanye noDavide.


UDavide esevuka ekuseni, izwi likaJehova lafika kuGadi umprofethi, umboni kaDavide, lathi:


UDavide wasuka lapho, waya eMispa yakwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Mabaphume ubaba nomame, bahlale nawe, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.


Wayesethi umprofethi uGadi kuDavide: “Ungahlali enqabeni yasezintabeni; suka uye ezweni lakwaJuda. UDavide wayesehamba, wafika ehlathini laseHereti.


Wabanqoba abakwaMowabi, wabalinganisa ngomucu wokulinganisa, wabaphonsa phansi; walinganisa ngezintambo ezimbili zokulinganisa ukubulala, nangomucu owodwa ogcweleyo ukugcina uphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, baletha izipho.


UDavide wayesenqabeni, nempi yamaFilisti ngaleso sikhathi yayiseBetlehema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite