Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 UDavida wasesithi kuJonathani: Khangela, kusasa sekwethwasa kwenyanga, njalo kangiyikuyekela ukuhlala ekudleni lenkosi; kodwa ngiyeke ngihambe ngiyocasha endle kuze kufike usuku lwesithathu kusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UDavide wathi kuJonathani: “Uyabona-ke, kusasa izakwethwasa inyanga; impela kufanele ngihlale nenkosi esidlweni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngiyocasha endle kuze kube wusuku lwesithathu kusihlwa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:5
17 Referans Kwoze  

Ngosuku lokuthokoza kwenu nangezinsuku zemikhosi yenu nasekuqaleni kwezinyanga zenu niyakuvuthela amacilongo phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kweminikelo yenu yokubonga; ukuze zibe yisikhumbuzo kini phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Kodwa uJonathani indodana kaSawule wayejabule kakhulu ngoDavide; uJonathani wamtshela uDavide, wathi: “Ubaba uSawule ufuna ukukubulala;


Ekuqaleni kwezinyanga zenu niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova; izinkunzi ezimbili, nenqama eyodwa, nezimvu zamawundlu eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici;


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga, ngesikhathi esimisiweyo, ngosuku lwedili lethu.


Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.


Khona masinyane abazalwane bamukisa uPawulu ukuba ahambe ngaselwandle, kepha oSila noThimothewu basala.


Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo.


Umuntu ohlakaniphileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi bayaqhubeka, bajeziswe.


Ngokuba akusiso isitha esangithuka; ngabe sengikwazi ukuligqoka; futhi akusiye owangizondayo ozikhukhumezile kimi; ngabe sengimcashele;


Uma usuhlale izinsuku ezintathu, wehle masinyane, uye endaweni owacasha kuyo ngesikhathi kuqhubeka udaba, uhlale ngasembongolweni yetshe.


Uma uyihlo engikhumbula, wothi: ‘UDavide ungicelile nokungincenga ukuba agijimele eBetlehema emzini wakubo, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka yonke womndeni wonke.


Wathi: “Uzayelani kuye namuhla na?” akusikhona ukwethwasa kwenyanga noma isabatha. Wathi: “Kuzolunga.”


UJonathani wasesithi kuDavida: Konke okufisayo umphefumulo wakho, ngizakwenzela.


UJonathani wasesithi kuDavida: Kusasa ukwethwasa kwenyanga, njalo uzabuzwa, ngoba isihlalo sakho sizabe singelamuntu.


UDavide wamfihla endle; kwathi ekuthwaseni kwenyanga, inkosi yahlala phansi ukuba idle.


Kwathi ngangomuso, ngosuku lwesibili lwenyanga, indawo kaDavide yayingenalutho; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Kungani indodana kaJese ingezanga ukudla izolo nanamuhla?


Lathi: Kuzaphela nini ukwethwasa kwenyanga ukuze sithengise amabele? nesabatha, ukuze sihlukanise ukolweni ngokunciphisa i-efa neshekeli libe likhulu, sikhohlise isikali ngobuqili?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite