Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 19:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingoni encekwini yayo uDavide; ngoba akonanga kuwe langenxa yokuthi imisebenzi yakhe yayimihle kakhulu kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UJonathani wakhuluma kahle ngoDavide kuyise uSawule, wathi kuye: “Inkosi mayingenzi okubi encekwini yayo uDavide, ngoba ayonanga lutho kuwe. Imisebenzi yayo ekwenzele yona mihle kakhulu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 19:4
15 Referans Kwoze  

Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.


URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga kini ngathi: Ningoni kumntwana; kanti ubungafuni ukuzwa? ngakho-ke, bheka, igazi lakhe liyabizwa.


Lowo ophindisela okubi ngokuhle, ububi abuyikusuka endlini yakhe.


UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulawelwani na? wenzeni.


Babuyisela ububi bami ngokuhle, bachitha umphefumulo wami.


U-Ahimeleki wayeseyiphendula inkosi, wathi: “Ngubani phakathi kwezinceku zakho zonke othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, ohamba ngokomyalo wakho, odumileyo endlini yakho, na?


Kepha nxa nona kanjalo kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKristu.


Uma umuntu ona kumakhelwane wakhe, kufungiswe kuye isifungo sokumfungisa, bese kufika isifungo phambi kwe-altare lakho kule ndlu;


Uma umuntu ona komunye, umahluleli makamahlulele; kepha uma umuntu ona kuJehova, ngubani ongamlamulela na? Kodwa kabalilalelanga ilizwi lendoda, ngoba uJehova wayezababulala.


Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wamenza umuntu ngomfanekiso kaNkulunkulu.


Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.


Bagijima, balungise, kungekho cala lami; vuka ungisize, ubuke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite