Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 19:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 USawule wathuma izithunywa ukumlanda uDavide; lapho bebona uquqaba lwabaprofethi beprofetha noSamuweli emi phezu kwabo, uMoya kaNkulunkulu waba phezu kwezithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 USawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide. Kwathi lapho zibona iviyo labaphrofethi bephrofetha, kumi uSamuweli engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wehlela ezithunyweni zikaSawule, nazo zaphrofetha.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 19:20
13 Referans Kwoze  

AbaFarisi bezwa ixuku likhonona lezizinto ngaye; abaFarisi nabapristi abakhulu bathuma izikhonzi ukuba zimbambe.


Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono.


Lapho befika lapho entabeni, kwafika uquqaba lwabaprofethi ukumhlangabeza; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.


Lapho uSawule ethuma izithunywa ukuba zilande uDavide, yena wathi: “Uyagula.”


USawule wayesethuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela lokho, wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa;


Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokuyala, nokududuza.


UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.


Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNajoti eRama.”


Kwathi lapho kubikwa kuSawule, wathuma ezinye izithunywa, nazo zaprofetha ngokunjalo. USawule waphinda wathuma izithunywa ngokwesithathu, nazo zaprofetha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite