Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:51 - Contemporary Zulu Bible 2024

51 Ngakho uDavida wagijima wema eduze lomFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihotsha emgodleni wayo, wambulala, wamquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

51 Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, acela empunzini.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:51
10 Referans Kwoze  

bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe.


Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti, owamnqoba esigodini sase-Ela, bheka, nansi emva kwendwangu ehlombe isongwe ngendwangu; uma uthanda ukuyithatha, yithathe; ngoba akekho omunye lapha. UDavide wathi: “Akunjalo; nginike.


Wabulala nowaseGibithe, indoda ebukekayo; umGibhithe wayenomkhonto esandleni sakhe; kepha wehlela kuye ephethe intonga, wahlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.


Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;


Basebemphanyeka uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Lwase luphela ulaka lwenkosi.


UDavide wamnqoba umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.


UDavide wayeseqeda, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati.


Amnquma ikhanda, akhumula izikhali zakhe, azithumela ezweni lamaFilisti nxazonke ukuba azazise endlini yezithombe zawo naphakathi kwabantu.


Kwathi bengena endlini, wayelele embhedeni wakhe ekamelweni lakhe lokulala, bamshaya, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe babahudula ethafeni ubusuku bonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite